IziPhili
Jump to navigation
Jump to search
IsiPhili noma IziPhili izinto eziphilayo ngokwemvelo, nezinesimiso sokuphila ngazodwa. Zonke iziPhili zakhiwa amangqamuzana. Iziphili zijinjwa ngokulandela ubungqwangqwa zibe amaqembu omangqamuzana (multicellar) bezilwane, izimila noKhunta; noma onongqamuzana (unicellular) abeyiziphilincinci ezinjengeZinambuluka (protista), iZinungwana (bacteria) neziNgunazane (archae). Zonke izinhlobo zeziphili ziyakwazi ukuzala, ukukhula nokuthuthuka, ukulondoloza, futhi ngezinga elithile ukusabela evusweni. Amabhungane, ama-squid, Imilenzene, amakhowe, nezimila ziyizibonelo zeziphili ezingomangqamuzana ezingahlukanisa izicubu ezikhethekile nezitho lapho zithuthuka.